uLegend Manqele uthi lokhu okuvela ohlelweni kuyiqiniso thina sisho okunye udaba lubhalwe yisolezwe
ub
BAKHALA ngokuthelwa ngehlazo abasekhweni lomculi kamaskandi uKhuzani “Idlamlenze” Mpungose ngemuva kokuthi uLegend Manqele wenkampani eyenza uhlelo lukaKhuzani eveze ukuthi ngesikhathi beyolobola kwakuyinto engamanga.
Umndeni wakaMathenjwa, eManyiseni, eNgwavuma, uthi lokhu kwakha isithombe esingesihle ngabo emphakathini
abawakhele. Isolezwe libike ngombango phakathi kukaKhuzani noLegend wenkampani iBarleader kubangwa imali ewuR250 000, uKhuzani athi uyikweletwa yinkampani kaLegend.
ULegend nguyena owaqopha uhlelo olukhuluma ngempilo kaKhuzani, oluthi Khuzani Bo! olwalukhonjiswa kwiSABC1.
Unina wengoduso kaKhuzani, uNkk Lungile Mathenjwa, uthe badumele kuvela lezi zindaba ezibaphendule inhlekisa emphakathini.
“Ngidumele njengomama wentombazane eyayizolotsholwa. Mina bafika abakwaMpungose lapha ekhaya bezolobola ingane yami njengoba kwakubonakala ohlelweni. Kuyangixaka-ke manje uma sekuthiwa kwakudlalwa. Kumanje ingane yami inengane yakwaMpungose, bayihlawulile bayilobola ngakho kusho ukuthi kwakukhohliswa mina ngakho konke lokhu okwakwenzeka?
“Ngiphatheke kabi ngalezi
zinkulumo ezizosidonsela amehlo emphakathini, ezingelona iqiniso,” kusho uNkk Mathenjwa.
Ingoduso kaKhuzani, uNolwazi Mathenjwa, ithe kuwukubathela ngehlazo okushiwo nguLegend.
“Uthela umndeni wami ngehlazo nje ngalokhu akushoyo. Mina uKhuzani ngoJulayi 3, uzoqedela izinkomo ezine ezasala kulokhu okwabonakala kwithelevishini. Ekhaya kwaqala kwafika bona bezocela ukuthi
kushuthwe, ubaba wavuma. Manje sengiyamangala uma kuthiwa umcimbi wami wokulotsholwa wawungelona iqiniso, kwakuqanjwa amanga,” kusho uNolwazi.
Uthe uphatheke kabi futhi ukube isiko lalingamvimbi ukuthi angaveli ngosuku okulotsholwa kwabasemzini ngabe wabonakala ohlelweni.
“Angivelanga ngenxa yokuthi ngihlonipha isiko lokuthi kwakungamele ngibonwe ngabakhongi. Ngangivalelwe kwenye indlu, yingakho ngingabonakalanga,” kuchaza yena.
Uyise kaKhuzani, uMnuz Mabhalane Mpungose ebuzwa ngalolu daba, uvele waphela yinsini, wayalela uKhuzani noLegend ukuthi balungise lolu daba.
“Mina ngithi woza lapha kimi eNkandla, ngizokuxoxela lolu daba, ngikukhombise nabakhongi ababehambile. Kungathiwa asilobolanga kanjani sahamba ubusuku nemini siya laphaya. Bona abakubo kwale ntombazane babengavuma kanjani ukuthi sidlale ngabo? Mina ngiyabuyela ngenyanga ezayo, ngiyoqedela ukulobola umakoti,” kusho uMpungose ngamafuphi.
ULengend uthe yena akakhulumi ngalokhu okwavela kwithelevishini eyolobola kwaMathenjwa “Kukhona isigameko esimayelana nokunye ukulobola okwakuthiwa masisiqophe, sanqaba,” usho kanje.
Namanje abadeli ukudicilela isthunzi sikakhuzani phansi kulungile koda iqhawe lethu lohlezi lisimele singabalo
Yeni Bantu Kant yin Kungakhokhelwa muntu Mali yakhe luphele lendaba sekozekingene abantu abaningi🙆
ULegend useshintshe inkulumo isgebengu lesi
Ulengend ugcwele inkohlakalo nje
Asethembe nje ukuthi ufundile isfundo Khuzani ngokusebenza nalombhemu wakwamaQele
We know how to make our future rich and do you? https://Ges.coronect.de/Ges
Good day
I contacted you some days back seeking your cooperation in a matter regarding funds worth $24 Million, I
urge you to get back to me through this email coledd221@cloedcolela.com if you’re still interested.
I await your response.
Thanks,
Donald Cole