UMCULI kamaskandi osenegama ukhala ngomunye uzakwabo odumile athi wadlala ngaye ngemva kokumqashela ukuthi amdlalele isiginci, wangamkhokhela imali ababevumelene ngayo.
UMbuzeni Mkhize uthi wayeqashwe nguKhuzani, ukuzodlala isiginci kwenye yezingoma zakhe ezikwi-albhamu ethi Isihlahla Samaxoki, wagcina engamnikanga ngisho isenti. Uthi bavumelana ngoR10 000 kepha umculi wagcina emnike uR500.
UMBUZENI ukhala ezimathonsi ngoKhuzani athi akamkhokhelanga ngomsebenzi wakhe Isithombe: FACEBOOK
“Okubuhlungu ukuthi ngiyazizwa izihlabo zami kwenye yezingoma zakhe ezikule albhamu. Savumelana ngoR10 000 kodwa angiwutholanga. Emva kokumdlalela wavele wangithumelela u-R500 nge-eWallet wathi angiyophuza udilinki. Angibanga nenkinga ngoba wayengipha udilinki engasho ukuthi uyangikhokhela. Manje akasayikhulumi eyenkokhelo yami ngibe ngiwuzwa umsebenzi wami kwi-albhamu yakhe,” kubhoka uMbuzeni.
Uthe akazi noma uKhuzani usemfaka ezimpini zabo neGcokama Elisha yini ngoba ziziningi izingoma azidlalela Igcokama futhi limkhokhela kahle.
Kuthintwa uKhuzani uthe ayikho ingoma ayidlalelwa wuMbuzeni kwiSihlahla Samaxoki.
“Ngangimcele ukuthi azongidlalela isiginci engomeni eyodwa i-albhamu isiphelile. Wafike wehluleka wancama, ukungidlalela. Kwaze kwaphoqeleka ukuthi nengoma ayefake kuyona isiginci ngiyicishe ngoba yayimhlulile. Ngaze ngalanda uMuntuyenziwa ukuthi azongidlalela. Ngisho noThuthani Ndlovu ongunjiniyela wale albhamu angangifakazela ukuthi awukho umsebenzi kaMbuzeni okule albhamu. NoR10 000 akhuluma ngawo asikaze sixoxe ngawo. Kuyaxaka nokuthi ngangingaze ngikhokhe imali engaka yokudlalelwa isiginci engomeni eyodwa. U-R500 engamupha wona kwakungowokuthi vele uhlulekile,” kusho uKhuzani.
Loyamuntu nina aniboni yini ukuth uyagula. Usangene umbuzeni straight lonke izwe liyabona. Usetshenziswa abantu abathile for ukufuna ukuhlambalaza igama leqhawe
Izitha ngeke zingabiningi kumfoka Gawozi usebehlulile ,futhi ayi ngengoma kuphela kodwa ngakho konke. Okunye ke bakithi uMbuzeni mhlampe naye wazisola nje esebona le podcast yakhe ekhuluma ngo R10 000 ,iwona “amanga esidakwa ke lawa ” futhi asobala.
Ngiyabonga.
Kubukeka uMbuzeni esetsheziswa abathile ok
Ukube kuyangami bengizothi kuMfoka Khuba akamnike lemali lomfana ephume kuye
Coz ufuna ukumluzisa ifocus enake yena
Uma nithi u Mbuzeni usetshenziswa abathile senifuna ukusola Igcokama elisha ke njalo ngoba nakhu liyimbangi ka Khuzani.
Khululekani siyalazi Ibhenanyawo thina amanga izinto zalo kuyazphumela nje akaphushwa muntu cha cha cha syamazi
Nangokumupha nje lo 500 ngathi kwenzeka iphutha nje, khona umuntu ngeke angene kwiswimming pool aphume ewomile ungabi lenkinga mfoka khuba sinawe thina abalandeli bakho phambili ngokhuba. #kube ubaba u sakhona ngabe ngiyaguqa
KHUBA NGAMNAKI UBABA UMBUZENI UZAMA UKUDUMA NGAPHA S.A COZ AYSANAKWA LE ASBELESELA NGAYO YAPHESHEYA AND NAWE USUBUYANKHONA LAPHO MANJE KUBUHLUNGU KUYE.
UNGAKHOHLWA MAWPHUMELELA AKBONABONKE ABAKUBONGELA NGOKUSUKA ENHLIZWENI ABANYE BABONGA INHLIZIYO IGAYA IBOZI.
NGYABONGA ITHUBA.
Cha lombhem wakamkhize ubekhulunyiswa wukulamba notshwala nje …ngicabanga ukuthi ushoda ngawo lo 10000 akhuluma ngawo ..ngakhoke mina ngithi mfoka khuba muphe nje lemali umvuse shame yambona uphuphe kanjan just for ukumvala umlomo.
Bafwethu ukube Kuya ngami bengfisa ukuth uMbuzeni azikhulumele naye ngqo uKhuzani live sibezwe kahle khona kuzobonakala oqamba amanga nogqinisile.
Umbuzeni udakiwe boo