Kuzoba ngokokuqala emlandweni kaMaskandi ukubona izingwazi zikaMaskandi zigida ndawonye,Konke lokhu kuzokwenzeka kwiNgoma kazwelonke mhla zizine kuNhlangulana(04 June 2022) eThekweni epeoples park.Lomcimbi uhlelelwe ukuqhakambisa amagalelo engoma ezweni lonke kanti uzobe uhanjelwe yiwona wonke amagoso avela kuzona zonke izinxenye zezwekazi laseNingizimu afrika.

Abaculi bakamaskandi bakuqinisekisile ukuthi lokhu kuhlangana bakwenze ngenhloso yokukhombisa ubumbano kanye nokuqinisekisa ubudlelwane bomculo kanye nengoma sithe uma sihlala sibheka sabona kufanele ukuba nathi sisukume sibe yinxenye yento enhle esiyibona yenziwa zinsizwa kanye nezintokazi ngengoma phela ingoma iyinto ebumba abantu ngisho nangezikhathi zamaholidi emakhaya kuphawula omunye wabaculi ezinkundleni zokuxhumana.

Lomcimbi uzoqopha omkhulu umlando kungokokuqala ukuthi kube nomcimbi ohlanganisa wonke amagoso ngengoma kangi amaqembu azoshiyelana inkundla ngengoma yilawa:ISAMBANA | ABAFANA BENHLANGWINI | AMAJUBA ENHLANHLA | AMAWUNDLU OFELEBA T/G | IMPI YASE NCOME | IZINTOMBI ZASE SPRINGVALE | EZIKA KHULA IZINTOMBI ZO JIKELELE | IZINSINGIZI | ISINYAMA SIKA HLATHI | HLUHLUWE AMAFIKA LISHONA | KHULANI | EZIKA NQULWANE | OMELISIZWE | AMABHUBESI EZIKA MTHAKASHANA | NGOBA MAKHOSI | INDODENHLE | AMASHIYA KUKHALWA OQHAWEKAZI | ODILIKA JELE | ABAFANA BEFOSHELA | UMSHOSHA PHANSI OCUPHASI | INGOBA MAKHOSI | AMATHOLE AMNYAMA | ABABHOBOZI | AMA AK EZIKA MAFIKA | NTSHIYAZANE | USUTHU | UBUHLE BENGOMA | AMABHOLWANE AMAQHAWE | EZASETHUNZINI | IKUSASA ELIHLE | ISANGENA | USHIKISHI AMABHUBESI (FEMALE GROUP) | MPHEPHETHO GROUP

Kungenwa mahhala hha walala wasala wavuka wazisola!

 

Follow us on Social Media