Kulo mcimbi obekungenwa kuwo mahhala iGcokama belizokwethula i-albhamu ethi: Mthandeni SK.
Ngesikhathi imoto ebihamba Igcokama Elisha ima ukuze lehle lapho belilindelwe khona ngabalandeli, kube nesiminyaminya emgwaqweni, uDr AB Xuma.
Izimoto ebezidlula kulo mgwaqo zime zaba wujenga zilinde ukuthi kusuke ebihamba iGcokama Elisha nabalandeli abavele bayingunga bejabulela lo mculi.
Ngemuva kwesikhathi imile imoto yakhe, kuzwakale abalandeli bememeza, abanye bekhononda ngemoto abebethi ihamba uKhuzani.
Imoto ebihamba iGcokama kugcine ngokuthi isuke lapho ebimi khona yangabe isabuya.
Isixuku sabantu abebefike ngobuningi kulo mcimbi sihlakazekile ngemuva kokuthi kucacile ukuthi ngeke esanandisa lo mculi.
Abalandeli balo bakhale ngokumosha isikhathi sabo belilindile.
Abanye baze baveza ukuthi ngeke baphinde bazihluphe ngokuhambela umcimbi wakhe.
Induna yabalandeli beGcokama, uHalalisani “Imali Umxabanisi” Dludla, uthe isimo besingasalivumeli iGcokama ukuthi lehle emotweni njengoba bekunemoto ebihamba uKhuzani ngemuva.
“Njengamanje kuyaphoqa ukuthi umiswe umcimbi. Asiqondi sonke ukuthi kungani uKhuzani elandela iGcokama,” kusho uDludla.
Imizamo yokuthola iGcokama ayiphumelelanga njengoba ucingo belukhala lungabanjwa.
Umyalezo elithunyelelwe wona yintatheli yeSolezwe ngeSonto kuze kwashaya isikhathi sokushicilela lingawuphenduli.
Ethintwa uKhuzani, uthe akakaze alubhade yena eWorkshop.
“Ngiyacabanga ukuthi labo bantu bebengifanisa ngoba mina ngiseMoses Mabhida njengoba ngikhuluma nawe sisi,” kusho uKhuzani izolo.
Khonamanjalo abalandeli bengoma baphume ngobuningi babo emcimbini weNgoma kaZwelonke obusePeople’ s Park, eThekwini izolo.
Lo mcimbi obekumele uqale ekuseni ngo-8 uqale ngemuva kwesikhathi ebesihleliwe.
Phakathi kwamaqembu abencintisana kubalwa Usuthu, Ubuhlebentembeni, Indoni Enhle, Ocuphasi namanye. Bekukhona nabaculi bakamaskandi.
Noma kthiwa khuzani abakhona ke e workshop kodwa angisiboni isidingo south ngabe esehla…kant yen ubeze kukhuzani yin or kubalandeli bakhe?
Kusho ukuthi abantu Bayali thanda iqhawe umfo ka Khuba. Masebeze befanisa ne moto yalo, yinto ekhombisa ukuba ukhuba ngumuntu wabantu.
#BLUE NATION
Lilililih kade ngasho
Cha Udlala ngabantu uBhuti lona…Isiqomuqomu ngempela. I Album elakhe koda ujikiswa iMoto nje kuphela yase Toyota.
Ziyakhala ke manje
AI akakahle naye uMthanden kanti yena bengazile ukuzolalelisa abalandeli bakhe ushun akawkhiphile unakana noKhuzan ubecabanga ukuthi uKhuzan umnakile aibo kwahle wemfana kamaNqele upheka udoti bese ucabanga ukuth uzodliwa uban awusyeke thina bakith
Uyahlukumezek u Mthanden emhlabeni😔😥
😅😅😅Kdw nawe uthusa omunye
Unghlekiselani Korea
Khuphuka Wendlamlenze
Wenzan kodwa Qhawe uthusa iskhova.😅🤣🤣🤣
Sokhathala kodwa uskhov njalo yea mehluleka kwenza something kub negama LA khuzani ungcono ngani yena kwakhona lokho nje kuthi abanye abantwana besengomeni yena uwusphuma yedwa kuhlale kwenzenjani akwe azibheke nje
Khuphuka khuba
Loool ungowethu wena wakokhuba